7. Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda.
8. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”
9. Wathi u-Isaya: “Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?”