2 Amakhosi 20:12-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani, inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula.

13. UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.

14. Wayesefika u-Isaya umprofethi enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude eBabele.”

15. Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”

16. U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova:

17. Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.

18. Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”

19. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”

20. Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

21. UHezekiya wayeselala koyise. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 Amakhosi 20