2 Amakhosi 20:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”

2. Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi:

3. “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

4. Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi:

5. “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

6. Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu, ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”

7. Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda.

8. Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”

2 Amakhosi 20