2 Amakhosi 2:6-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.”Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.

7. Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.

8. U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.

9. Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.”Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.”

10. Kepha wathi: “Ucele into elukhuni; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo.”

11. Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.

12. U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.

13. Wacosha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani.

14. Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.

2 Amakhosi 2