2 Amakhosi 2:4-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.”Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko.

5. Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?”Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”

6. U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.”Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.

7. Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.

2 Amakhosi 2