17. Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.
18. Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: “Angishongo yini kini ukuthi: ‘Ningahambi,’ na?”
19. Kepha abantu bomuzi bathi ku-Elisha: “Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.”
20. Wathi: “Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso.” Basiletha kuye.
21. Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ”
22. Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo.
23. Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”
24. Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.
25. Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya.