2 Amakhosi 2:12-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.

13. Wacosha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani.

14. Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.

15. Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.

16. Athi kuye: “Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla; mawahambe, afune inkosi yakho; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile, wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile.”Kepha wathi: “Ningawathumi.”

17. Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.

18. Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: “Angishongo yini kini ukuthi: ‘Ningahambi,’ na?”

19. Kepha abantu bomuzi bathi ku-Elisha: “Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.”

20. Wathi: “Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso.” Basiletha kuye.

21. Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ”

22. Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo.

23. Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”

24. Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.

25. Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya.

2 Amakhosi 2