7. Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”
8. Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
9. Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi: “Bheka, uphumile ukulwa nawe, yabuye yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
10. ‘Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda, nithi: “UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.”
11. Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
12. Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene abaseThelasari, bazophula na?
13. Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva, na?’ ”
14. UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15. UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
16. Beka, Jehova, indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
17. “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo,
18. alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.