2 Amakhosi 19:3-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: ‘Lolo suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.

4. Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa onke amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.’ ”

5. Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

6. u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.

7. Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”

8. Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

9. Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi: “Bheka, uphumile ukulwa nawe, yabuye yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:

10. ‘Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda, nithi: “UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.”

11. Bheka, wena uzwile okwenziwe ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?

2 Amakhosi 19