29. “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune,nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
30. Abasindileyo bendlu yakwaJudaabaseleyo bayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.
31. Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insalinasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.
32. “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:“ ‘Ayiyikungena kulo muzi,ayiyikucibishela mcibisholo khona;ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
33. Indlela eyafika ngayo, iyakubuya ngayo;ayiyikungena kulo muzi, usho uJehova.
34. Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindisengenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”
35. Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
36. Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
37. Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.