21. Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye:“ ‘Ikudelele yakuhleka usulu intombi,indodakazi yaseSiyoni;ikunikinele ikhandaindodakazi yaseJerusalema.
22. Weyise bani, wathuka bani, na?Uphakamisele bani izwi lakho,wabhekisa phezulu amehlo akho, na?NgoNgcwele ka-Israyeli!
23. Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi,wathi: “Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeningaphakathi kweLebanoni;ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyongangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.
24. Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo;ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.”
25. “ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na?Emihleni yasendulo ngakunquma;manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo,ibe yizinqwaba.
26. Abakhe kuyo babe namandla amancane,besaba, bajabha;baba njengotshani basendle,nembali notshani obuluhlaza,nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,namabele ahamukile engakakhuli.
27. “ ‘Kepha ukuhlala kwakho,nokuphuma kwakho,nokungena kwakho ngiyakwazi,nokubhovumula kwakho ngami.
28. Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami,ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akhonetomu lami emlonyeni wakho,ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.’