2 Amakhosi 19:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.

15. UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.

16. Beka, Jehova, indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

17. “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo,

18. alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

19. Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”

20. U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho okukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya ngikuzwile.’

21. Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye:“ ‘Ikudelele yakuhleka usulu intombi,indodakazi yaseSiyoni;ikunikinele ikhandaindodakazi yaseJerusalema.

22. Weyise bani, wathuka bani, na?Uphakamisele bani izwi lakho,wabhekisa phezulu amehlo akho, na?NgoNgcwele ka-Israyeli!

23. Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi,wathi: “Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeningaphakathi kweLebanoni;ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyongangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.

24. Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo;ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.”

25. “ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na?Emihleni yasendulo ngakunquma;manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo,ibe yizinqwaba.

26. Abakhe kuyo babe namandla amancane,besaba, bajabha;baba njengotshani basendle,nembali notshani obuluhlaza,nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,namabele ahamukile engakakhuli.

2 Amakhosi 19