13. Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva, na?’ ”
14. UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15. UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
16. Beka, Jehova, indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
17. “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe namazwe azo,
18. alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
19. Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”
20. U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lokho okukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya ngikuzwile.’
21. Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye:“ ‘Ikudelele yakuhleka usulu intombi,indodakazi yaseSiyoni;ikunikinele ikhandaindodakazi yaseJerusalema.
22. Weyise bani, wathuka bani, na?Uphakamisele bani izwi lakho,wabhekisa phezulu amehlo akho, na?NgoNgcwele ka-Israyeli!
23. Ngesandla sezithunywa zakho uyijivazile inkosi,wathi: “Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeningaphakathi kweLebanoni;ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyongangena endaweni yalo yokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.
24. Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo;ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.”
25. “ ‘Awuzwanga ukuthi kade ngakuhlela na?Emihleni yasendulo ngakunquma;manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo,ibe yizinqwaba.
26. Abakhe kuyo babe namandla amancane,besaba, bajabha;baba njengotshani basendle,nembali notshani obuluhlaza,nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,namabele ahamukile engakakhuli.
27. “ ‘Kepha ukuhlala kwakho,nokuphuma kwakho,nokungena kwakho ngiyakwazi,nokubhovumula kwakho ngami.
28. Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami,ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akhonetomu lami emlonyeni wakho,ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.’
29. “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,nangomnyaka wesibili isihlabane,nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune,nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
30. Abasindileyo bendlu yakwaJudaabaseleyo bayakubuye bagxile phansi,bathele izithelo phezulu.