2 Amakhosi 18:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.

5. Wamethemba uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli kwaze kwangabakho onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe.

6. Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.

7. UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.

8. Wachitha amaFilisti kwaze kwaba seGaza nemikhawulo yalo, imibhoshongo yabalindi nemizi ebiyelweyo.

9. Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.

10. Ngasekupheleni kweminyaka emithathu balithatha; ngomnyaka wesithupha kaHezekiya owawungumnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya inkosi yakwa-Israyeli iSamariya lathathwa.

11. Inkosi yase-Asiriya yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni waseGozani nasemizini yamaMede,

12. ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.

13. Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.

14. UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza.” Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta* angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.

15. UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.

2 Amakhosi 18