Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”