13. Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.
14. UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza.” Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta* angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.
15. UHezekiya wamnika lonke isiliva elalifunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi.
16. Ngaleso sikhathi uHezekiya wanquma izivalo zethempeli likaJehova nezinsika uHezekiya inkosi yakwaJuda ayezinamekile, wakunika inkosi yase-Asiriya.