2 Amakhosi 18:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka wesithathu kaHosheya indodana ka-Ela, inkosi yakwa-Israyeli, uHezekiya indodana ka-Ahazi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

2. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abi indodakazi kaZakariya.

3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uDavide uyise.

2 Amakhosi 18