2 Amakhosi 17:4-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya, ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe, engasenyusi ntela enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.

5. Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke, yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu.

6. Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.

7. Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,

8. bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo.

9. Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.

10. Bazimisela izinsika nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,

11. bashisa khona impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengokwenza kwabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabo, benza izinto ezimbi ukumcunula uJehova,

12. bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi: “Aniyikwenza le nto.”

13. Nokho uJehova wayexwayisile o-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umthetho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.”

14. Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.

15. Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.

16. Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.

17. Badabulisa amadodana abo namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaJehova ukumcunula.

18. Ngalokho uJehova wathukuthelela u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akusalanga muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.

2 Amakhosi 17