31. ama-Avi enza oNibihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ko-Adirameleki no-Anameleki, onkulunkulu bamaSefarivayimi.
32. Kepha babemkhonza noJehova, bazenzela phakathi kwabo abapristi bezindawo eziphakemeyo ababahlabela ezindlini zezindawo eziphakemeyo.
33. Bamesaba uJehova, bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo.
34. Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso, nezimemezelo zabo, nomthetho wabo, nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli,
35. uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: “Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli;
36. kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba, kuyena niyakukhothamela, nimhlabele yena;
37. izimiso nezimemezelo nomthetho nemiyalo anilobela khona yikho eniyakukugcina ukuba nikwenze; ningesabi abanye onkulunkulu;
38. aniyikukhohlwa isivumelwano engisenzile nani, ningesabi abanye onkulunkulu;
39. kepha niyakwesaba uJehova uNkulunkulu wenu; yena uyakunophula esandleni sazo zonke izitha zenu.”
40. Nokho abalalelanga, kodwa benza njengemithetho yabo yakuqala.
41. Zesaba-ke lezo zizwe uJehova, kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.