24. Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBabele, naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; badla iSamariya, bahlala emizini yalo.
25. Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova; ngalokho uJehova wathuma izingonyama phakathi kwabo, zabulala abanye kubo.
26. Base bekhuluma enkosini yase-Asiriya, bethi: “Abezizwe obasusileyo wabahlalisa emizini yaseSamariya abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe; ngalokho uthumile izingonyama phakathi kwabo; bheka, ziyababulala, ngokuba abawazi umthetho kaNkulunkulu wezwe.”
27. Inkosi yase-Asiriya yayisiyala ngokuthi: “Yisani khona omunye wabapristi enibathumbile lapho, ahambe ahlale khona, abafundise umthetho kaNkulunkulu wezwe.”
28. Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova.
29. Kodwa zonke izizwe zazenzela onkulunkulu bazo, zababeka ezindlini zezindawo eziphakemeyo ezazenziwe ngamaSamariya, kwaba yileso naleso sizwe emizini esasihlezi kuyo.
30. Abantu baseBabele benza uSukoti Benoti, abantu baseKhuti benza uNerigali, abantu baseHamati benza u-Ashima,
31. ama-Avi enza oNibihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo ngomlilo ko-Adirameleki no-Anameleki, onkulunkulu bamaSefarivayimi.
32. Kepha babemkhonza noJehova, bazenzela phakathi kwabo abapristi bezindawo eziphakemeyo ababahlabela ezindlini zezindawo eziphakemeyo.
33. Bamesaba uJehova, bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo.
34. Kuze kube namuhla benza njengemithetho yakuqala: abamesabi uJehova, abenzi njengezimiso, nezimemezelo zabo, nomthetho wabo, nemiyalo yabo uJehova ayala ngayo abantwana bakwaJakobe amutha u-Israyeli,
35. uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: “Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli;