2 Amakhosi 17:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka weshumi nambili ka-Ahazi inkosi yakwaJuda uHosheya indodana ka-Ela waba yinkosi eSamariya kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyisihiyagalolunye.

2. Wenza okubi emehlweni kaJehova, nokho kungenjengamakhosi akwa-Israyeli ayephambi kwakhe.

3. Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.

4. Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHosheya, ngokuba wayethume izithunywa kuSo inkosi yaseGibithe, engasenyusi ntela enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe imihla ngemihla; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.

5. Inkosi yase-Asiriya yayisenyuka, yadabula izwe lonke, yenyukela eSamariya, yalivimbezela iminyaka emithathu.

6. Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.

7. Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,

8. bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo.

9. Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese izinto ezingalungile kuJehova uNkulunkulu, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke ngasemibhoshongweni yabalindi nasemizini ebiyelweyo.

2 Amakhosi 17