5. Ngaleso sikhathi uResini, inkosi yase-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula.
6. Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase-Aramu wabuyisela i-Elati e-Aramu, waxosha abaJuda e-Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.
7. U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.”
8. U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.