1. Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u-Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
2. U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise.
3. Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
4. Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5. Ngaleso sikhathi uResini, inkosi yase-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula.