2 Amakhosi 16:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya u-Ahazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.

2. U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise.

3. Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

4. Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.

5. Ngaleso sikhathi uResini, inkosi yase-Aramu, noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, benyukela eJerusalema ukulwa nalo; bamvimbezela u-Ahazi, kepha babengenakumahlula.

6. Ngaleso sikhathi uResini inkosi yase-Aramu wabuyisela i-Elati e-Aramu, waxosha abaJuda e-Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube namuhla.

7. U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.”

8. U-Ahazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yase-Asiriya laba yisipho.

9. Inkosi yase-Asiriya yamlalela; inkosi yase-Asiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.

10. Inkosi u-Ahazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, yabona i-altare elaliseDamaseku; inkosi u-Ahazi yathumela ku-Uriya, umpristi, isimo se-altare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwalo konke.

11. U-Uriya, umpristi, wayesakha i-altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.

2 Amakhosi 16