33. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.
34. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.
35. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.
36. Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?