28. Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.
29. Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.
30. UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.
31. Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
32. Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
33. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.