1. Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.
3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.
4. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5. Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.