2 Amakhosi 14:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

2. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.

3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.

4. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5. Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.

2 Amakhosi 14