2 Amakhosi 14:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi.

2. Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.

3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.

4. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5. Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.

6. Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”

7. Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.

8. Khona u-Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”

9. UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.

10. Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”

11. Kepha u-Amasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.

2 Amakhosi 14