2 Amakhosi 13:11-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.

12. Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

13. UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.

14. U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”

15. U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo.

16. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.

17. Wathi: “Vula ifasitele ngasempumalanga.” Yalivula. Wayesethi u-Elisha: “Cibishela.” Yacibishela-ke. Wathi: “Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu e-Afeki, uwaqede.”

18. Wayesethi: “Thatha imicibisholo.” Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.” Yashaya kathathu, yayeka.

19. Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”

20. Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka.

21. Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.

22. UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.

23. Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.

24. UHazayeli inkosi yase-Aramu wafa; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

25. UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.

2 Amakhosi 13