Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani, umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.