1. U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi.
2. Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.
3. Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.
4. Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari* nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaJehova, wenza isivumelwano nazo, wazifungisa endlini kaJehova, wazibonisa indodana yenkosi.
5. Waziyala wathi: “Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba ngabalindi bendlu yenkosi,
6. abesithathu babe sesangweni laseSuri, abesithathu babe sesangweni emva kwabalindi, niyilinde nokuyilinda indlu, nidedelane.
7. Amaviyo enu amabili, bonke abaphuma ngesabatha, ayakulinda indlu kaJehova enkosini.
8. Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani nenkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.”
9. Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi.
10. Umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaJehova.