2 Amakhosi 10:27-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Babhidliza insika kaBali, badiliza indlu kaBali, bazenza izindlu zendle kuze kube namuhla.

28. UJehu wamchitha-ke uBali kwa-Israyeli.

29. Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.

30. UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuba wenze kahle ngokufeza okulungile emehlweni ami, futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi njengakho konke okwakusenhliziyweni yami, amadodana akho ezizukulwane ezine ayakuhlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.”

2 Amakhosi 10