16. Wayesethi: “Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.” Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.
17. Esefike eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.
18. UJehu wabutha bonke abantu, wathi kubo: “U-Ahabi wamkhonza uBali kancane, kepha uJehu uyakumkhonza kakhulu.
19. Ngalokho ngibizele bonke abaprofethi bakaBali, zonke izinceku zakhe, nabo bonke abapristi bakhe, kungasali muntu, ngokuba nginomhlatshelo omkhulu kuBali; bonke abafunyaniswa bengekho abayikuphila.” Kepha uJehu wakwenza ngobuqili ukuba abhubhise izinceku zikaBali.
20. Wayesethi uJehu: “Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.