1. U-Ahabi wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa eSamariya. UJehu waloba izincwadi, wazithuma eSamariya ezinduneni zaseJizreyeli kumalunga nakubondli bakwa-Ahabi, wathi:
2. “Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina, lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi, kanye nomuzi obiyelweyo, nezikhali,
3. ziboneleni enhle nefaneleyo kumadodana enkosi yenu, niyibeke esihlalweni sobukhosi sikayise, nilwele indlu yenkosi yenu.”
4. Kepha besaba kakhulu impela, bathi: “Bheka, amakhosi amabili awemanga phambi kwakhe; pho, thina singema kanjani na?”
5. Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: “Siyizinceku zakho, siyakwenza konke oyakusitshela khona; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.”
6. Wayeseloba incwadi yesibili kubo, ethi: “Uma ninami, nilalela izwi lami, thathani amakhanda alaba bantu, amadodana enkosi yenu, nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa.” Amadodana enkosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.
7. Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.
8. Kwafika isithunywa, samtshela ukuthi: “Balethile amakhanda amadodana enkosi.”Wathi: “Wabekeni abe yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube sekuseni.”