U-Eliya waphendula, wathi enduneni yamashumi ayisihlanu: “Uma ngingumuntu kaNkulunkulu, makwehle umlilo ezulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho.” Wehla-ke umlilo ezulwini, wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.