1. UMowabi wahlubuka kwa-Israyeli emva kokufa kuka-Ahabi.
2. U-Ahaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: “Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.”
3. Kepha ingelosi kaJehova yathi ku-Eliya waseThishibi: “Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithunywa zenkosi yaseSamariya, uthi kuzo: ‘Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?’ ”
4. Ngalokho uJehova usho kanje, uthi: “Umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.” Wayesesuka u-Eliya.
5. Izithunywa zabuyela kuye; wathi kuzo: “Nibuyeleni na?”
6. Zathi kuye: “Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi: ‘Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo, nithi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.” ’ ”