1 Usamuweli 9:7-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”

8. Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.”

9. Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

10. USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: “Lihle izwi lakho; woza sihambe.” Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.

11. Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: “Umboni ukhona na?”

12. Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;

13. ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”

14. Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.

15. UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:

16. “Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.”

17. USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ”

18. USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.”

19. USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.

1 Usamuweli 9