1 Usamuweli 9:5-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.”

6. Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

7. Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”

8. Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.”

9. Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

10. USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: “Lihle izwi lakho; woza sihambe.” Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.

11. Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eyakukha amanzi; bathi kuwo: “Umboni ukhona na?”

12. Abaphendula athi: “Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;

13. ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”

1 Usamuweli 9