25. Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.
26. Bavuka ekuseni; kwathi kusantwela, uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: “Vuka ukuba ngikumukise.” Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.
27. Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu -- yadlula-ke -- kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.”