19. USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.
20. Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?”
21. USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”