1 Usamuweli 9:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.

2. Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.

3. Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: “Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.”

4. Wadabula izintaba zakwa-Efrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.

5. Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: “Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.”

6. Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”

7. Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: “Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowo muntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?”

8. Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowo muntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.”

9. Endulo kwa-Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: “Woza siye kumboni;” ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

10. USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: “Lihle izwi lakho; woza sihambe.” Base beya emzini lapho lowo muntu kaNkulunkulu wayekhona.

1 Usamuweli 9