1 Usamuweli 8:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa.

14. Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.

15. Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.

16. Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.

17. Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.

18. Niyakukhala ngalolo suku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolo suku.”

19. Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: “Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,

20. ukuze nathi sibe njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.”

21. USamuweli wezwa onke amazwi abantu, wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

22. UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labo, ubanike inkosi.”USamuweli wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Hambani niye, kube yilowo nalowo emzini wakini.”

1 Usamuweli 8