1 Usamuweli 8:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli.

2. Igama lendodana yakhe eyizibulo lalinguJoweli; igama leyesibili lalingu-Abiya; babe ngabahluleli eBeri Sheba.

3. Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.

4. Kwabuthana onke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama;

5. athi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.”

6. Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova.

7. UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.

8. Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.

1 Usamuweli 8