1. Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika, bakhuphula umphongolo kaJehova, bawungenisa endlini ka-Abinadaba entabeni, bamngcwelisa u-Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
2. Kwathi kusukela osukwini umphongolo owahlala ngalo eKiriyati Jeharimi, kwaba yisikhathi eside, ngokuba saba yiminyaka engamashumi amabili; yonke indlu yakwa-Israyeli yakhalela uJehova.
3. USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”
4. Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.