9. Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”
10. Abantu benze njalo; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,
11. bawubeka umphongolo kaJehova enqoleni kanye nebhokisi lamagundane egolide nemifanekiso yamathumba abo.
12. Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.
13. AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.
14. Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu; babanda inqola yaba yizinkuni, banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
15. AmaLevi ayethulile umphongolo kaJehova nebhokisi elalinawo, okwakukulo impahla yegolide, akubeka etsheni elikhulu; abantu baseBeti Shemeshi banikela ngeminikelo yokushiswa, bahlabela uJehova imihlatshelo ngalolo suku.
16. Amakhosi ayisihlanu amaFilisti esekubonile abuyela e-Ekroni ngalolo suku.
17. Lawa angamathumba egolide amaFilisti awabuyisa abe ngumnikelo wecala kuJehova: elinye ngele-Ashidodi, nelinye ngeleGaza, nelinye ngele-Ashikeloni, nelinye ngeleGati, nelinye ngele-Ekroni;
18. namagundane egolide ayenjengomumo wemizi yonke yamaFilisti yamakhosi ayisihlanu, imizi ebiyelweyo nemizana yasemaphandleni, okubufakazi bakho kuyitshe elikhulu abawubeka kulo umphongolo kaJehova, elikhona nanamuhla ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi.
19. Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.
20. Abantu baseBeti Shemeshi base bethi: “Ngubani ongema phambi kukaJehova, lo Nkulunkulu ongcwele, na? Uyakwenyukela kubani esuka kithina na?”
21. Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisele umphongolo kaJehova; yehlani, niwukhuphulele kini.”