19. Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.
20. Abantu baseBeti Shemeshi base bethi: “Ngubani ongema phambi kukaJehova, lo Nkulunkulu ongcwele, na? Uyakwenyukela kubani esuka kithina na?”
21. Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisele umphongolo kaJehova; yehlani, niwukhuphulele kini.”