1. Umphongolo kaJehova wawusezweni lamaFilisti izinyanga eziyisikhombisa.
2. AmaFilisti abiza abapristi nababhuli, athi: “Siyakwenze njani ngomphongolo kaJehova na? Saziseni ukuthi singawubuyisela kanjani endaweni yawo.”
3. Bathi: “Uma nimukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawumukisi ze, kepha anobuyisela nokubuyisela kuye umnikelo wecala; khona niyakuphiliswa, kwazeke kini ukuthi isandla sakhe asisuswa ngani kini.”
4. Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?”Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.
5. Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.
6. Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu, njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na? Lapho esebenzile phakathi kwabo, ababavumelanga yini ukuba bahambe na?
7. “Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo, nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,