1 Usamuweli 5:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.

2. AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awungenisa endlini kaDagoni, awubeka ngakuye uDagoni.

3. Abase-Ashidodi sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova. Bamthatha uDagoni, bambuyisela endaweni yakhe.

4. Sebevukile kusasa ekuseni, bheka, uDagoni wayewile phansi ngobuso phambi komphongolo kaJehova; ikhanda likaDagoni nezimpama zombili zezandla zakhe zazinqamukile zisembundwini; kwasala isidumbu sakhe kuphela.

5. Ngalokho abapristi bakaDagoni nabo bonke abangena endlini kaDagoni abanyatheli embundwini kaDagoni e-Ashidodi kuze kube namuhla.

6. Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

7. Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.”

8. Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?”Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.

1 Usamuweli 5