5. Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.
6. AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.
7. AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ufikile ekamu.*” Athi-ke: “Maye kithina! Ngokuba akuzange kube khona okunje ngaphambili.
8. Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.
9. Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”
10. AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.