1 Usamuweli 4:3-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kwathi abantu bengena ekamu,* amalunga akwa-Israyeli athi: “UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, siwulethe kithi, ufike phakathi kwethu, usisindise esandleni sezitha zethu.”

4. Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi;* amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

5. Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu,* wonke u-Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

6. AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: “Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na?” Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.

7. AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ufikile ekamu.*” Athi-ke: “Maye kithina! Ngokuba akuzange kube khona okunje ngaphambili.

8. Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.

9. Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”

10. AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.

11. Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana omabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, abulawa.

12. Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.

13. Ekufikeni kwakhe, bheka, u-Eli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowo muntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.

14. Lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Uthini umsindo walokhu kumemeza na?” Lowo muntu washesha waya wamtshela u-Eli.

15. U-Eli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayequndekile, engenakubona.

1 Usamuweli 4